
Uphiko Lwezilimi Lubungaze Usuku Lokuhumusha Emhlabeni
Click here for English version
Ihhovisi LeNyuvesi LokuHlelwa noKuthuthukiswa Kolimi (i-ULPDO) ibambisene noMnyango wezamaCiko kanye namaSiko KwaZulu-Natali, i-KwaZulu-Natal Department of Arts and Culture (DSAC), kanye nebhodi lezilimi iPan South African Language Board (PanSALB) ibe nomcimbi wokukhumbula uSuku Lokuhumusha LoMhlaba.
Inendikimba: “Ukuhumusha, Ubuciko Obufanelwe Ukuvikelwe”, umcimbi uhehe abasebenza ngezilimi, abezindaba okubalwa umsakazi osemkantshubomvu woKhozi FM, uNksz Vicky Masuku, kanye nabafundi base-UKZN, eDurban University of Technology (DUT) kanye neMangosuthu University of Technology (MUT).
Lolu suku lugujwa minyaka yonke kuMandulo wama-30, usuku luveza ukubaluleka komsebenzi osewenziwe ngabahumushi notolika, emhlabeni.
UDini kanye neNhloko yeSikole sezobuCiko, uSolwazi Nobuhle Hlongwa, uthe ukuhumusha kuyingxenye ebalulekile emkhakheni wokusetshenziswa kwezilimi. Ebalula ukwehluka kwezilimi eNingizimu Afrika, uHlongwa uthe amakhono abasebenza ngezilimi azodingeka ukuhumusha okubhaliwe kususwa esiNgisini kuyiswa ezilimini zoMdabu. ‘Njengoba amanyuvesi amaningi esungula imigimo yezilimi edinga ukuthi kusetshenziswe izilimi zoMdabu ekufundiseni kanye nasekufundeni, kubalulekile ukuthi abafundi kulo mkhakha bayakuqonda ukubaluleka kwabo ekuhumusheni kanye nasekutolikeni.’
UMphathiswa wezeMidlalo, Ubuciko kanye nezamaSiko KwaZulu-Natali, uMnuz Mntomuhle Khawula, uthe Usuku Lokuhumusha eMhlabeni lubuye lube yithuba lokuthi abafundi abasemkhakheni wezilimi bagqugquzeleke futhi bazi ukuthi bakhethe umkhakha okahle ukuthi bawufundele.
Evuma ukuthi kunegebe elikhona phakathi kwezifundiswa kanye nohulumeni, uKhawula uthe: ‘Angeke siphumelele ukukhipha ingcindezelo kwezemfuno uma izifundiswa zingahambi phambili ekukhiqizweni kwezinto ezibhalwe ngezilimi zaboMdawu zase-Afrika.’
Ugqugquzele iziKhungo zeMfundo ePhakeme ukuthi zihambe phambili ekuqhakambiseni isiZulu njengolimi olungasetshenziswa, esifundazweni kanye nasezweni, wazibophezela ukuzinikela kwehhovisi lakhe ukuqinisekisa ukuthi yonke iminyango kahulumeni inomgomo wezolimi kanye nophiko (njengoba kusho umthetho iLanguage Act 2012) ukuze, kudaleke amathuba omsebenzi kwabafundele ukusetshenziswa kwezilimi.
Owayengumfundi wase-UKZN kanye nenhloko yoMnyango weZilimi zase-Afrika eNyuvesi yaseJohannesburg, uSolwazi Boni Zungu, uhlole umbono lwemfundo egxile olimini lwebele kanye nokubaluleka kokuthuthukisa amakhono okucabanga abalulekile ukuze kube nempumelelo ezifundweni. Uqhube wathi ukufunda ngolimi lwebele kuyisisekelo sokufunda ezinye izilimi, ukusiza ukuqonda usiko kanye nokuthi ungubani, kanye nokuhlanganisa okuqondwe ulimi ubulona.
UZungu ugqamise indima yabafundele umkhakha wezilimi ekudluliseni imfundo ngolimi lwebele njengengxenye ebalulekile yokuhlanganisa ukubandakanya, izinga lokufunda kanye nokuthuthukisa ukwenza kangcono ezifundweni. Ubuye wabalula izinzuzo ekudaleni indawo eqhakambisa ukuqonda komunye nomunye kanye nenhlonipho, ukugcinwa kwamasiko kanye namagugu, kanye nokuqiniswa kwezindlela zokufunda ngemvelaphi yase-Afrika.
Egxile ekutheni izilimi zebele zingasingathwa kanjani njengezindlela zokufundisa kanye nokufunda, uZungu uthe kubalulekile ukuthi kuthuthukiswe ulimi, kusetshenziswe imigomo yezilimi, izinsiza zokufunda zihunyushwe, futhi kusondezwe izinhlaka ezehlukene okubalwa izifundiswa, ongcweti bezolimi, kanye namaphathi weMfundo ePhakeme ukuthi bamukelwe.
UMnuz Jabulani Simelane, Isikhulu Esiphezulu esiFundazweni ePanSALB, uthe inhlangano yasungulelwa ukugqugquzela kanye nokusungula izindlela zokuthuthukisa zonke izilimi ezisemthethweni. Ubale imithetho ehlukene elekelela ukusetshenziswa kanye nokuthuthukiswa kwezilimi kubalwa, iPanSALB Act 59, iPromotion of Access to Information Act 2 of 2000, kanye ne-Basic Education Laws Amendment (BELA) Bill.
UMnuz Sthembiso Thabethe, onguMphathi wesiKhungo sabaNgezwa eDUT, ukhulume ngokuqonda iSiko labaNgezwa okugqamise ukuthuthukiswa kwamatemu olimi labangezwa iSouth African Sign Language (SASL), amalungelo abangezwa, indlela yokuziphatha yabahumushayo, kanye nokumele bakwenze noma bangakwenzi uma kuhlanganyelwe nabanye.
Izethameli zithakasele ukufundwa kohlu losonhlamvu beSASL abethulwe nguThabethe.
UMnuz Sibusiso Mhlongo wekomiti lesifundazwe lamagama ahlonza izindawo (Provincial Geographical Names Committee) kanye neNkosi Themba Mavundla onguSihlalo weKomiti Lezilimi eziFundazweni KwaZulu-Natali badlulise imiyalezo yokweseka.
Uhlelo beluphethwe uNkk Thokozani MaMkhize Ndlovu woKhozi FM.
Amagama: Hlengiwe Khwela
Isithombe: Albert Hirasen